Article

Izigungu ezilawulayo zibaluleke kakhulu ekufundeni ngolimi lwebele, kusho i-FEDSAS

19/02/2018 - Fedsas


Izinzuzo emphakathini osebenzisa izilimi eziningi zaziwa kahle. Ucwaningo lufakazela ukuthi ukukwazi ukukhuluma izilimi ezingaphezu kolulodwa kubalulekile ngokwesimo senhlalo, okuphathelene nomuntu siqu kanye nangokwemfundo nokomsebenzi oqeqeshelwe. Njengoba kugujwa Usuku Lomhlaba Wonke Lolimi Lwebele mhla zingama-21 kuFebhuwari, Inhlangano Yezigungu Ezilawula Izikole zaseNingizimu Afrika (i-FEDSAS) izogxila emfundweni yezilimi ezihlukene.
           
“Uma sikhuluma ngemfundo yezilimi ezihlukene sisho ukuthi abantwana banelungelo lokukhetha ukuthi imfundo yabo bayithola ngaluphi ulimi. Ukucindezeleka ngokwezombangazwe kuvamise ukubanga ukuthi sikhohlwe ukuthi uhlelo lwemfundo yaseNingizimu Afrika isisekelo salo ukusebenzisa izilimi ezihlukene –sekuvele kunezikole zazo zonke izilimi eziyishumi nanye ezisemthethweni,” kusho uDkt. Jaco Deacon, Isekela Lomphathi Omkhulu we-FEDSAS.
           
UDeacon uthi inselelo akukhona ukutholakala kwemfundo ngolimi lwebele kodwa ukutholakala kwemfundo esezingeni eliphezulu ngazo zonke izilimi eziyishumi nanye ezisemthethweni. “Inqubomgomo yolimi lwesikole isizathu esisodwa nje kuphela sokuthi abazali nabantwana bakhethe isikole esithile. Okusemqoka okwenza bathathe isinqumo imfundo esezingeni eliphezulu. Njengoba sigxile emfundweni yezilimi ezihlukene i-FEDSAS ifuna ukuthi, kungumsebenzi wabadlala indima ebalulekile ukuqinisekisa ukuthi kunezikole ezisezingeni eliphezulu ezikhona ezisebenzisa zonke izilimi ezisemthethweni. Le yiyo kuphela indlela yokuqinisekisa ukuthi abantwana bathola imfundo esezingeni eliphezulu ngolimi lwabo lwebele.”
           
Ukhetho lwezigungu ezilawula ukuphathwa kwezikole olwenzeka njalo eminyakeni emithathu luzobanjwa ngenyanga ezayo. Ukuthatha izinqumo ngenqubomgomo yesikole omunye wemisebenzi yesigungu esilawula ukuphathwa kwesikole. “Uma abazali nabadlala indima ebalulekile emphakathini wesikole esithile bebona ukuthi isikole sabo asihlinzeki ngemfundo esezingeni eliphezulu, ukhetho lwe-SGB lubanika ithuba lokuzibandakanya. Esikhundleni sokuthi bafune ukuthumela abantwana babo ezikoleni ezingcono lapho bezofundiswa khona ngolimi lwabo lwesibili, abadlala indima ebalulekile bangaqinisekisa ukuthi isikole esisemphakathini wabo siyathuthuka sibe isikole esisezingeni eliphezulu.”
           
Lapha i-FEDSAS idlala indima ebalulekile ekuhlomiseni amalungu ezigungu ezilawula ukuphathwa kwezikole. Omunye wemisebenzi eminingi yokuqinisekisa izinga eliphezulu lokuphathwa kwezikole umhlahlandela wezigungu ezilawula ukuphathwa kwezikole. Umhlahlandlela osebenzayo ekuphathweni kwezikole uyatholakala ngezilimi eziyisithupha, ezifaka isiNgisi, isiBhunu, iSisuthu, iSitswana, isiXhosa nesiZulu. Isizotholakala kungekudala ngazo zonke izilimi eziyishumi nanye.
           
“Ulwazi uluphathelene nokuphathwa kwezikole luvamise ukuba ulwazi olunobuchwepheshe obuthile. Imfundo esezingeni eliphakeme ihlobene ngqo nokuphatha okusezinggeni eliphezulu futhi yingakho i-FEDSAS ifuna ukwenza lolo lwazi lufinyeleleke kangangoba kungenzeka,” kusho uDeacon.
           
Umhlahlandlela uhlinzeka isifinyezo esifishane samaphuzu abalulekile ekuphathweni kwezikole futhi iyona ndawo ekahle yokuqala umsebenzi kumalungu amasha asanda kukhethwa ezigungu ezilawulayo namalungu amadala afuna ukwandisa ulwazi lwawo nesipiliyoni.
  • Umkhankaso we-FEDSAS wolwazi oluphangalele okhethweni lwama-SGB ufaka ukwenziwa kwamawebhusayithi amabili lapho abazali nabanye abadlala indima ebalulekile bengathola ulwazi ngokhetho nendima yesigungu esiphethe. Amawebhusayithi atholakala lapha www.schoolelections.co.za nalapha www.lovemyschool.co.za
  • Ukuze uthole ulwazi oluthe xaxa ngomhlahlandlela sicela uvakashele lapha www.fedsas.org.za noma ushayele le nombolo 051-522 6903.

Copyright FEDSAS 2024 | NPO Registration No. 128-598NPO | NWO-registrasienr 128-598NPO | Privacy Policy